Sithokoza kakhulu ngokunethulela le ncwadi.
Ngonyaka ka-1995, uhulumeni wethu wasayina Isivumelwano Senhlangano Yezizwe Esiphathelene Namalungelo Ezingane. Lokhu kusho ukuthi sivumile ukuhlonipha imithetho ekhethekile ephathelene nokuthi kufanele izingane ziphathwe kanjani emhlabeni jikelele. Uma singayihloniphi le mithetho, sizoba sengxakini enkulu eNhlanganweni Yezizwe!
Kodwa into esiyiqaphelile lapha eNingizimu Afrika ukuthi, nakuba Isivumelwano sikhuluma ngezingane, asibhaliwe ngendlela izingane ezingayizwa kalula. Sazibuza ukuthi, yini usizo lwalokhu Ngokweqiniso, izingane kufanele zikwazi ukuqonda amalungelo azo?
Yingakho sinqume ukukubhalela le ncwadi.
Amalungelo akule ncwadi ngawakho. Ngawazo zonke izingane eziseNingizimu Afrika nayo yonke ingane esemhlabeni wonkana. Akekho umuntu ongakwephuca la malungelo.
Ngakho-ke qiniseka ukuthi uyawazi!
Sisize ekwakheni ikusasa lezwe lethu!
Futhi uqiniseke ukuthi uyazithokozisa kakhulu!
Nginezingane okungezami. Ngakho-ke ngiyazi ukuthi into ebaluleke kakhulu enganeni ukuthi izizwe iphephile futhi ivikelekile. Le ncwadi ikhuluma ngamalungelo ezingane ukuthi zizizwe ziphephile futhi zivikelekile ezweni lethu. Ngizinikele ukuthi ngiqinisekise ukuthi niyawazi amalungelo enu nokuthi wonke umuntu emnyangweni wami usebenza kanzima ukuvikela nina, imindeni yenu nabangane.
Nami futhi ngiyabona ukuthi njengezingane eniyizo manje, nidinga kakhulu ukuthi nizizwe niphephile, nivikelekile, naziswa futhi ninakekelwa. Ngiyazi ngoba nami ngake ngaba ingane. Ngakho-ke kuwumsebenzi wami ukuthi ngiqinisekise ukuthi laba abenza ubugebengu ezinganeni bayaboshwa bajeziswe ngendlela efanele. Umsebenzi wami ngiwuthathela phezulu futhi ngizinikele ekunigcineleni impilo ephephile nevikelekile. Le ncwadi ngeyenu futhi izonisiza ukuthi nazi ukuthi iyiphi indlela yokuziphatha engavumelekile nokubabika labo bantu abadala nezingane abagxambukela emalungelweni enu. Izingane zonke zomhlaba kufanele ziwathokozele la malungelo.
Sonke singabomndeni wabantu omkhulu kabi. Sinabafowethu nodadewethu kuwo wonke umhlaba. Eminyakeni eminingi eyadlula, kudalo ungakazalwa, ohulumeni emhlabeni bahlangana benza uhulumeni womhlaba obizwa ngokuthi Inhlangano Yezizwe. Labo hulumeni bavumelana ngokuthi lonke ilungu lomndeni wabantu bethu linelungelo lenkululeko, ubulungiswa kanye noxolo emhlabeni.
Umuntu wonke usho umuntu wonke ngempela. Noma ngabe sivela kuphi noma ngabe singobani. Noma ngabe sicebile noma simpofu noma siphakathi nendawo. Noma ngabe ibala lethu, ubuhlanga noma inkolo injani. Noma ngabe singamadoda, singabantu besifazane noma singamantombazane noma singabafana.
Kodwa kucace kakhulu ukuthi izingane zidinga ukunakekelwa nosizo kakhulu kunabantu abadala. Yingakho nje Isivumelwano esiphathelene namaLungelo Ezingane savunywa Inhlangano Yezizwe ngomhla ka-20 Novemba 1989.
Kunezizathu eziningi ezenza ukuthi Inhlangano Yezizwe ikhathazeke ikakhulukazi ngezingane futhi icabange ukuthi kwabe kudingeka amalungelo akhethekile.
Okokuqala nje, Inhlangano Yezizwe ikholelwa kakhulu ekutheni izingane zikhula kahle kakhulu emndenini noma ekhaya lapho ezingajabula khona, zithandwe futhi zizwiwe. Lokhu kusho ukuthi imindeni nalabo ababheka izingane kufanele bavikeleke ukuze bakwazi ukubheka izingane zabo futhi bazisize ukuthi zikhule.
Okwesibili, izingane kudingeka ukuthi zikhule ngendlela ezozenza abantu abadala abakwazi ukubhekana nezinto okufanele bazenze futhi zibe ngamalungu omphakathi wazo. Kufanele zifundiswe ukuhlala emhlabeni ngokuthula, ngesithunzi, ngokubekezela, ngenkululeko, ngokulingana nangobunye.
Okwesithathu, imibhalo eminingi ehlukene yamazwe omhlaba kanye nezimemezelo zicela ukuthi kube nokunakekela, ezenhlalakahle, ukuphathwa nokuvikelwa kwezingane okuyisipesheli. Kwenza umqondo ukuthi kubhalwe konke phansi embhalweni owodwa - umbhalo wezingane kuphela.
Okwesine, nakuba wonke umuntu efuna ukuthi zonke izingane zikhule zijabule futhi ziqoqekile, Inhlangano Yezizwe iyazi ukuthi, emazweni omhlaba jikelele, izingane eziningi ziphila ezimeni ezinzima kakhulu.
Ngenxa yalezi kanye nezinye izizathu, kwenza umqondo omuhle ukuthi kube neSivumelwano esikhethekile ngamaLungelo Engane. Lesi Sivumelwano sikhuluma ngabo bonke ubunzima kanye nezinkinga izingane zomhlaba ezingabhekana nazo kanye nawo wonke amalungelo akhethekile izingane okufanele zibe nawo.
Lesi isivumelwano sakho futhi kubaluleke kabi ukuthi wazi ngaso nokuthi sikhuluma ngani. Sakhiwe izingxenye ezahlukene (Inhlangano Yezizwe ezibiza ngokuthi ama-"athikili").
Sibhalwe ngolimi lomthetho ukuze sikwazi ukuthi sisetshenziswe ezinkantolo ukukuvikela. Kodwa lokhu kwenza ukuthi kube nzima kabi ukusiqonda. Yingakho nje sikubhalele sona ngolimi olulula kule ncwadi.
Kodwa-ke okokuqala nje, sifuna ukukuchazela ngokuthi yini Isivumelwano, njengoba sisetshenziswe lapha, nokuthi sivele kanjani.
Njengoba sichazile, Inhlangano Yezizwe uhlobo lukahulumeni womhlaba. Lo hulumeni uhlangana endlini enkulu esakhiweni seNhlangano Yezizwe eNew York. Kulapha lapho bexoxa khona ngezindaba zomhlaba ezibalulekile njengeSivumelwano Samalungelo Engane. Khumbula ukuthi lesi Sivumelwano isivumelwano esenziwa phakathi kwamazwe omhlaba.
Uma sekuvunyelwene ngeSivumelwano, izwe nezwe kufanele liye ePhalamende lalo bese kuvunyelwana ngeSivumelwano lapho. Lokhu kubizwa ngokuqinisa Isivumelwano. IPhalamende kufanele livotele ukuthi lizoyihlonipha imithetho yeSivumelwano. Uma ngabe iPhalamende lezwe selivumile ukusiqinisa Isivumelwano, uhulumeni walelo zwe kufanele ahloniphe imithetho yaso.
Kufanele sikhumbule ukuthi akusiwo wonke amazwe avumelana nazo zonke Izivumelwano.
Ngonyaka ka-1995, uhulumeni waseNingizimu Afrika wavuma (waqinisa) Isivumelwano Samalungelo Engane. Lokhu kusho ukuthi uhulumeni kufanele ahloniphe imithetho yeSivumelwano.
Inhlangano Yezizwe inekomiti elikhethekile labantu okufanele bacele ukuthi amazwe abatshele ukuthi enzani ukuhlonipha le mithetho. Ngesikhathi iNingizimu Afrika isayina Isivumelwano, benza isithembiso esiyisipesheli ezinganeni zaseNingizimu Afrika sokuthi izingane zizohamba phambili kukho konke abakwenzayo.
Isivumelwano sithi ingane umuntu ongaphansi kweminyaka eyi-18. Kodwa ngezinye izikhathi izwe lingaba nomthetho ovumela ukuthi ingane ibe ngumuntu omdala ngaphambi kwesikhathi.
Ungacabanga ngesizathu esenza ukuthi izwe livumele ukuthi ingane ibe ngumuntu omdala ingaphansi kweminyaka eyi-18 Isibonelo, kwamanye amazwe abantu abangaphansi kweminyaka eyi-18 bavunyelwe ukuthi bashade. Ingabe ucabanga ukuthi umuntu oneminyaka engaphansi kweyi-18 ubudala kufanele aphathwe njengengane?
Izwe ngalinye kufanele liqiniseke ukuthi onke amalungelo akulesi Sivumelwano asebenza enganeni ngayinye kulelo zwe.
Ayikho ingane okufanele isale ngaphandle ngenxa yobuzwe bayo, ibala, ubulili, ulimi noma inkolo.
Akukho ngane engashiywa ngaphandle ngenxa yalokho ekucabangayo noma ekushoyo noma ngenxa yalapho evela khona.
Akukho ngane engashiywa ngaphandle ngoba impofu noma icebile noma ikhubazekile nganoma ngayiphi indlela.
Akukho ngane engashiywa ngaphandle ngoba yehlukile noma ngoba abazali noma umndeni wayo noma labo abayibhekayo babukeka behlukile noma bebabi noma bengajwayelekile.
Ohulumeni kufanele bathathe izinyathelo eziqinile ukuqinisekisa ukuthi izingane azibandlululwa noma zijeziswe ngenxa yezinto ezenziwa abazali bazo, amalungu omndeni noma labo abababhekayo, abazenzile, abazishilo noma abakholelwa kuzo.
Ngamanye amazwi, ingane akufanele ijeziselwe into eyenziwe ilungu lomndeni elidala futhi ingane engeke ikwazi ukusiza ngakho.
Ingabe zikhona izingane okungenzeka amalungelo azo abe sengozini ngoba ehlukile kwawezinye izingane Cabanga ngalokhu okwesikhashana. Kungani kunjalo Ungenzani ukuvimbela lokhu Yini ongayisho ukuvimbela abanye abantu ekutheni balimaze izingane?
Zonke izikhungo zezenhlalakahle, izinkantolo kanye nezinhlangano nabantu abasebenza ngezingane nabasebenzela izingane kufanele babeke lokho okulungele izingane kakhulu phambili.
Ohulumeni kumele baqinisekise ukuthi izingane zinokuvikeleka kanye nokunakekelwa ezikudingayo. Kodwa akusho ukuthi kufanele bangabanaki abazali kanye nabanye abantu ababhekele izingane.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi izindawo kanye nezinsiza abazinikezelayo ukuthi zibheke noma zivikele izingane ziphephile futhi zinempilo. Kufanele njalo baqinisekise ukuthi njalo kunabantu abaqeqeshwe kahle nabafanele ababheka izingane kanye nabantu abalungile abaphethe ukuqinisekisa ukuthi ayikho into engahamba kabi.
Ohulumeni banomsebenzi wokuhlinzeka izingane ngosizo eziludingayo. Hlobo luni lwabantu okufanele baqashwe ukuze banikezele ngalolu sizo Uma kufanele izingane zihlale ezindaweni ezikude nasekhaya, kufanele zibe njani lezi zindawo Khumbula ukuthi lezi zingane kungenzeka zibe ngazodwa futhi zesabe. Kungenzeka futhi uma bethukuthele ngoba bazizwa belimele noma beshiywe bodwa?
Bobabili ohulumeni, ompofu nocebile, kufanele benze konke okusemandleni ukuthi bathole izindlela zokuqinisekisa ukuthi amalungelo akulesi Sivumelwano asebenza kuzo zonke izingane. Uma ngabe izwe lingenayo imali eyanele yokukhokhela zonke izinto ezidingwa yizingane zalo, nangale kwemizamo yalo yonke, kufanele licele amanye amazwe ukuthi alisize.
Kubaluleke ngani ukuthi amazwe enze konke okusemandleni awo ukuthi abeke lokho okulungele izingane phambili?
Ohulumeni kufanele bakuhloniphe ukuthi abazali kanye nabanye ababheka izingane babhekene nomsebenzi, ilungelo kanye nomsebenzi wokuhola izingane ekutheni kufanele ziwasebenzise kanjani amalungelo azo. Kwesinye isikhathi ukuhola kunikezwa umkhuba wasekhaya noma isiko.
Uma ingane isikhulakhulile noma ithe ukuvuthwa ngokomqondo, kulapho izobandanyeka khona ezinqumeni zalolu hlobo.
Cabanga ngalokhu. Ucabanga ukuthi kufanele ibe ngakanani ingane ngaphambi kokuba wazi futhi usebenzise amalungelo akho Uma ukhuluma ngamanye amalungelo ekuhambeni kwale ncwadi, kungaba mnandi kuwe ukuthi ukhulume ngamanye nabazali bakho noma nabantu abakubhekayo. Kanti-ke izingane kufanele ziholwe kahle ngabantu abadala. Izingane esezithe ukuba ndala ziyaqala ukuqonda ukubaluleka kwamalungelo kanye nemisebenzi ezibhekene nayo?
Lokhu kusho ukuthi ohulumeni kufanele benze konke ukuqinisekisa ukuthi yonke ingane iyaphila futhi iyakhula (ikhula iphilile futhi inamandla).
Izingane ezizalelwa ezindaweni lapho kunezifo eziningi khona, okungenamanzi ahlanzekile kanye nosizo oluncane lwezokwelashwa zifa ziseyizingane kakhulu. Lokhu kwenza kubaluleke kakhulu ukuthi omama kanye nezingane zabo banikwe usizo kulesi sigaba zempilo yazo. Zikhona yini izinto ongazicabanga ezingenza ukuthi impilo yomama nabantwana ibe ngcono ffuthi inikeze abantwana kanye nezingane ezisencane isiqalo sempilo esiphilile.
Ukuzalwa kwazo zonke izingane kufanele kubikwe masinyane emva kokuba zizelwe. Izingane zinelungelo lokuba negama kanye nelungelo lokuba ngezezwe elithize (njengeNingizimu Afrika). Uhulumeni ngaamunye kufanele aqinisekise ukuthi kuyenzeka lokhu.
Ngayo yonke indlela, izingane zinelungeelo lokunakekelwa abazali bazo nokwazi ukuthi abazali bazo bangobani.
Ohulumeni bayavuma ukuhlonipha ilungelo lokuthi izingane zigcine ububona bazo.
Ukuba negama kanye nobuzwe (ukuba isakhamuzi sezwe) kubizwa ngokuba nokwehluka kobuwena. Enye into elandelayo oyifundayo ukuthi ungowamuphi umndeni nokuthi uneminyaka emingaki yobudala. Uma ngabe ukuzalwa kwakho kurejistiwe, unikezwa igama obizwa ngalo kanye nesibongo nosuku lwakho lokuzalwa. Ubuzwe bakho nabo bubhalwe phansi. Lokhu kusho ukuthi ungubani.
Izingane zinelungelo lokungahlukaniswa nabazali bazo noma umndeni wazo uma zingafuni. Kodwa-ke kwesinye isikhathi izinkantolo zinganquma ukuthi ukuhlukaniswa yiyona nto enhle kakhulu elungele ingane. Mhlawumbe abazali basuke beyilimaza ingane noma bengayinakekeli ngendlela efanele. Noma mhlawumbe abazali abahlali ndawonye manje inkantolo kufanele inqume ukuthi ingane izohlala namuphi.
Ngaphambi kokuba inkantolo yenze isinqumo, wonke umuntu kufanele akwazi ukusho ukuthi kumphatha kanjani lokhu.
Ohulumeni kufanele bahloniphe ilungelo lengane ehlukaniswe noyedwa kubazali noma nabo bobabili abazali ukuthi iqhubeke nokubabona bobabili abazali njalo (ngaphandle-ke uma lokhu kungekuhle kakhulu kulokho okulungele ingane).
Ezimeni ezidumaza kakhulu, isizathu sokwahlukanisa kungaba ukuthi uhulumeni uvalele ngaphandle kwesigwebo, ubophe, udingise, noma ubuyisele ezweni lakubo noma mhlawumbe ubulele umzali oyedwa noma abazali bengane bobabili. Ezimeni ezinjalo uhulumeni kufanele anikeze abazali kanye nengane ulwazi ngomunye nomunye ngaphandle uma ngabe lokho kuzoyilimaza ingane. Ukucela ulwazi akufanele kubange ingozi kunoma yiliphi ilungu lomndeni.
Ake uzame ukucabanga ukuthi kufanele kube njani lokhu. Mhlawumbe kufanele ubhale indaba ngengane abazali bayo abafakwa ejele ngesikhathi sempi nokuthi ingane yaya kanjani ukuyobuza kuhulumeni ukuthi ngabe babe bekuphi. Le ngane yayazi ukuthi Isivumelwano sasithi inelungelo kulolu lwazi. Ingabe yaluthola ulwazi Ingabe yabathola abazli bayo?
Uma ingane kanye nabazali bayo besemazweni ahlukene kodwa befuna ukuhlangana njengomndeni, ohulumeni bobabili kufanele benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka lokhu masinyane nangendlela elunge kakhulu enokwenzeka.
Ingane abazali bayo abahlala emazweni ahlukene kufanele ibe nelungelo lokubona abazali bayo bobabili njalo. Lokhu kusho ukuthi ohulumeni bala mazwe kufanele bahloniphe ilungelo lengane nelabazali lokuvakashelana.
Ohulumeni kufanele benze konke okusemandleni abangakwenza ukuvimbela ukuthathwa kwezingane zikhishwe ezweni ezihlala kulo ngokungemthetho futhi zingabe zisabuyiswa.
Lokhu kusho ukuthi ohulumeni kumele bavumelane ngokuqinisekisa ukuthi, uma izingane zithathwe ngale ndlela, zizobuyiswa ngokushesha.
Uhlobo lwale nto lungenzeka uma ngabe omunye umzali efuna ukuthatha ingane komunye umzali noma ngabe inkantolo ithe angamthathi. Lokhu kufana nokweba ingane.
Izingane zinelungelo lokusho lokho ezikucabangayo ngezindaba ezinemicabango ngazo. Kufanele imibono yazo ilalelwe.
Leli ithuba lakho lokusho lokho okucabangayo. Ucabanga ukuthi uyakwazi ukwenza umbono ngezindaba ezikuthintayo Kwesinye isikhathi yizinto ezincane kabi lezi. Kodwa kwesinye isikhathi zibaluleke kakhulu. Isibonelo, bewuzophatheka kanjani uma ngabe bewuzohlala nomzali oyedwa noma omunye Noma bewuzophatheka kanjani ukuba bewesaba umuntu okulimazayo ngandlela thize?
Kubalulekile ukwazi ukuthi abantu abadala ngesinye isikhathi bazi ukuthi izingane zinento ebalulekile eziyishoyo. Uma bengalaleli, kuyohlala njalo kunomuntu ozozilalela.
Imicabango nemizwa yakho kubalulekile. Kufanele ukhulume ngakho. Uma kukwazeka, xoxa ngalokhu ekilasini noma nabangane bakho.
Kubaluleke kabi ukuthi izingane zinikwe ithuba lokulalelwa enkantolo noma nanoma iyiphi enye indawo lapho kuxoxwa khona ngekusasa lazo. Kuya ngomthetho wezwe ezikulo, izingane kufanele zivunyelwe ukuthi zikhulume noma ingane ikhulunyelwe ngomunye umuntu.
Izingane zinelungelo lokukhuluma ngokukhululeka. Lokhu kusho ukuthi izingane zinelungelo lokusho lokho ezikucabangayo kanye nokuzwa noma nokufunda lokho okucatshangwa ngabanye abantu. Lokhu kungenziwa ngezindlela eziningi ezahlukene: ngokulalela nokukhuluma; ngokubhala noma nokufunda; ngokudweba noma ngokupenda; noma nganoma iyiphi enye indlela ingane eyikhethayo.
Kungaba nemithetho ethize ebeka umkhawulo kuleli lungelo. Amanye ala malungelo angavikela amalungelo abanye abantu noma agcine kunoxolo.
Uyakholwa ukuthi izinto ozishoyo zingalimaza abanye abantu Uma kunjalo, kanjani Ungacabanga nganoma yiziphi izinto okungafanele ukuthi izingane zizifunde noma zizibone Ungasicabanga isibonelo?
Izingane zinelungelo lokucabanga noma lokukholelwa yilokho ezikufunayo. Zinelungelo futhi lokukhetha inkolo yazo.
Kodwa futhi abazali banelungelo nomsebenzi wokuhola izingane ngesikhathi zikhula.
Ngoba unelungelo lokukholwa yilokhu okufunayo, kanjalo nabanye abantu banalo. Lokhu kusho ukuthi kudingeka ukuthi ukuhloniphe ukuthi sonke sinezinkolo kanye nezinkolelo ezahlukene.
Abanye abantu bangakhetha ukuthi bangakholelwa kunoma iyiphi inkolo nhlobo. Sonke kudingeka sifunde ukuhloniphana futhi sihloniphe nalokho esikholelwa kukho.
Uma ucabanga ukuhloniphana kwethu nokuthi siphathana kanjani okubalulekile.
Zingaki izinkolo ongacabanga ngazo Ingabe bakhona abantu obaziyo abangakholelwa nhlobo kunoma yimuphi unkulunkulu. Ingabe ukukholelwa enkolweni ehlukile kwenza ukuthi abantu babe babi noma bahlukile nje Izinto eziningi ezimbi emhlabeni zenzeka ngoba abantu bayakhohlwa ukuthi singodade nabafowethu emndenini omkhulu wabantu. Njengezingane, singakhula futhi siwuguqule lo mhlaba?
Izingane zinelungelo lokuhlanganyela ngokukhululeka kanye nokubuthana okunokuthula ngenkululeko. Lokhu kusho ukuthi izingane zinelungelo lokukhetha abangane bazo nokuya kunoma yimuphi umhlangano, imashi noma isiteleka, uma nje kunokuthula.
Ukubusa ngentando yeningi kusho ukuthi abantu banelungelo lokukhalaza ngezinto esidlangalaleni (ukuteleka), uma nje bekwenza lokho ngokuthula. Uhulumeni kufanele akuvumele lokhu ukuthi kwenzeke.
Kodwa ngezinye izikhathi ohulumeni abangabusi ngentando yeningi bayazimisa iziteleka ezinokuthula. Labo benu abayibukayo i-TV kungenzeka ukuba sebeke bakubona lokhu kwenzeka. Uma ubuza abazali bakho bazokutshela ukuthi lokhu kwakwenzeka eNingizimu Afrika. Kodwa-ke uma ngabe unquma ukuhamba uyobulala ifasitela lesitolo noma ujikijele amaphoyisa ngamatshe noma ubulale omunye umuntu, awuteleki ngokuthula kodwa ugxambukela emalungelweni omunye umuntu. Uma nenza lokhu, ohulumeni banelungelo nomsebenzi wokusimisa isiteleka esiyilolu hlobo.
Njengawo wonke omunye umuntu, izingane zinelungelo lokuba nengasese. Akekho umuntu ongasesha ikhaya, izimpahla noma afunde izincwadi zanoma iyiphi ingane ngaphandle kwesizathu esiqotho. Njengawo wonke omunye umuntu, ingane inelungelo lokuhlonishwa.
Ohulumeni bayavuma ukuthi umabonakude, umsakazo, abashicileli bezincwadi kanye nabanye kufanele bakhiqize izinhlelo ezizosiza futhi zifundise izingane emhlabeni wonke jikelele.
Ohulumeni kufanele benze konke okusemandleni abangakwenza ukwenza ukuthi abantu baqonde ukuthi bobabili abazali banomsebenzi olinganayo wokukhulisa nokuthuthukisa izingane.
Abantu abanomsebenzi omkhulu kakhulu wokuthuthukisa nokukhulisa izingane abazali bazo kanye nalabo abazibhekile.
Uyavuma ukuthi bobabili abazali banomsebenzi wokukhulisa izingane zabo ngokulingana Kwenzeka kangaki lokhu Ingabe kufanele ukuthi umzali oyedwa ashiywe nawo wonke umsebenzi ngesikhathi lona omunye engenzi lutho Ingabe kuliqiniso lokho Ingabe uyavuma ukuthi uma abazali beletha izingane emhlabeni kufanele kube yibona ababhekana nomsebenzi walezo zingane?
Ohulumeni kufanele basize abazali nabanakekeli bezingane ukuthi babheke izingane ngokusemandleni kwabo wonke.
Ohulumeni kufanele futhi baqinisekise ukuthi kunezikhungo ezinhle, izindawo kanye nezinsizakalo zokunakekela izingane ezidinga usizo olwengeziwe.
Ohulumeni kufanele benze konke abangakwenza ukuqinisekisa ukuthi izingane zabazali abasebenzayo ziyasizakala ezinsizakalweni zokunakekela izingane kanye nezindawo ezinelungelo lazo.
Ucabanga ukuthi ohulumeni kufanele benzeni ukusiza izingane?
Isivumelwano siphakamisa ukuthi abanye abazali kanye abantu ababheka izingane badinga usizo nokuthi izingane zabazali abasebenzayo kufanele zibe nezinzuzo.
Ngokucacile, kunezingane futhi ezidinga ezinye izinhlobo zosizo. Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi kunabantu abalungile kanye nezindawo zezingane ezingenawo amakhaya kanye nabantu abazinakekelayo. Ucabanga ukuthi kufanele kube zinhlobo zini lezi zezindawo kanye nabantu?
Uhulumeni kufanele enze konke angakwenza ukuvikela izingane kubazali kanye nabanye abantu abazilimazayo. Uhulumeni kufanele azame ukuvikela izingane kuzo zonke izinhlobo zodlame lomzimba noma lwengqondo, ukulimala noma ukuhlukumeza (kubandakanya nokuhlukumeza ngokocansi), ukuphathwa kabi noma ukuxhaphaza.
Lokhu kusho ukuthi kufanele kuphasiswe imithetho futhi kwenziwe izinhlelo zokuthi lezi zinto zingabe zisenzeka.
Ngezinye izikhathi kunezizathu zokuthi kungani izingane zingasahlali nemindeni yazo. Lokhu kungaba ngokwesikhashana noma kube ngokonomphelo. Kwesinye isikhathi lokhu kuba yinto enhle kakhulu enganeni.
Uma lokhu kwenzeka uhulumeni kufanele enze izinhlelo eziyisipesheli zokunakekela ingane.
Kungenziwa izinto eziningi ezahlukene. Izingane zingafunelwa abazozinakekela, zinikezwe abantu abafuna izingane noma zibekwe ezindaweni ezihlala izingane.
Noma yini eyenziwayo, kubalulekile ukuthi kucatshangwe ngezidingo zengane, umlando wayo kanye nenjabulo yayo.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi ukutholwa kwezingane ngokusemthethweni kwenzeka ngendlela ebhekela ingane. Kufanele baqinisekise ukuthi abantu ababhekana nalo msebenzi ngabantu abaphethe. Kufanele baqinisekise ukuthi kukhethwa abantu abalungile ukuthi bamukele izingane ukuthi bazikhulise. Kufanele baqinisekise ukuthi umzali noma abazali abanikela ngengane ukuthi ikhuliswe ngabanye abantu bayathanda ukukwenza lokho.
Ohulumeni kufanele nabo bakuqonde lokhu ukuthi, uma ingane ingeke ikhuliswe abanye abantu noma ifunelwe elinye ikhaya ezweni layo, ingane ingathathwa ikhuliswe abanye abantu kwelinye izwe.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi abantu abatholi imali ngokuthathwa kwezingane zikhuliswe ngomunye umuntu. Ukuqeda lokhu ohulumeni kufanele benze isivumelwano nabanye ohulumeni ukuthi ukuthathwa kwabantwana bakhuliswe kwenziwa ngokuqaphela okukhulu.
Kubaluleke kakhulu ukuthi izingane ziya emizini enothando nenakekelwe kahle.
Abantu abaningi bayavuma ukuthi izingane akufanele zithengwe noma zithengiswe. Zingabantu, hhayi amabhayisikili nonodoli. Kuyenzeka kodwa ukuthi abantu bakhokhele izingane imali.
Ucabanga ukuthi kufanele kwenziweni ngalokhu?
Ohulumeni kumele baqinisekise ukuthi izingane ezicashile ezivela kwamanye amazwe zivikelekile futhi ziyasizwa.
Lokhu kusebenza ezinganeni ezicashile ezihamba zodwa kanye nalezo ezinabazali bazo noma abantu abazinakekelayo.
Isifiki esicashile umuntu oshiye izwe lakhe kaningi ngoba ephoqekile ukuthi ashiye ngenxa yempi, futhi uzama ukuthola imvume yokuhlala kwelinye izwe.
Abantu abacashe kwelinye izwe kaningi basuke belahlekelwe yiyo yonke into yabo futhi behlukaniswe namanye amalungu emindeni yabo. Abaningi babo izingane.
Inhlangano Yezizwe inohlelo olusebenza nezifiki emhlabeni jikelele. Hulumeni kufanele babambisane neNhlangano Yezizwe noma izinhlangano ezinye ezisebenza neNhlangano Yezizwe ukuvikela nokusiza izingane eziyizifiki ezikhosele. Kufanele bazame ukuthola abazali noma imindeni yezingane ezihamba ngazodwa ezicashile.
Uma ngabe abazali noma amanye amalungu omndeni engatholakali kufanele ingane iphathwe ngendlela efanayo nenye ingane engahlali nomzali wayo (Bheka i-Athikili 20 futhi ubone ukuthi kusho ukuthini lokhu).
Zama ukucabanga ukuthi ingabe kunjani ukuba ingane ecashile, uwedwa ezweni ongalijwayele. Mhlawumbe awukhulumi nolimi olufanayo. Mhlawumbe kunempi enkulu eqhubeka ezweni lakho, awukwazi ukuphindela khona okwamanje. Udinga lonke usizo ongaluthola. Ziningi izingane ezinale nkinga. Ngisho ngabe awukwazi ukuzisiza, kuyinto enhle ukucabanga ngazo ngesinye isikhathi futhi ubone ukuthi impilo inzima kanjni kwamanye amalungu omndeni wabantu.
Izingane ezikhubazeke ngokomzimba nangengqondo zinelungelo lokuphila impilo ephelele nehloniphekile. Lezo zingane kufanele zivunyelwe ukuthi ziphile ngesithunzi nokuziqhenya. Kufanele zinikwe konke ezikudingayo ukuze zikwazi ukuzisiza bese zijoyina ngokukhuthala empilweni yomphakathi.
Ake ucabange ngalokho okwesikhashana. Ungaphila kanjani ngesithunzi uma ungakwazi ukuya ndawo ngoba awukwazi ukuhamba futhi akukho muntu okunika isihlalo sokuhamba Ungazisiza kanjani uma kufanele uye esikoleni kodwa ungakwazi ukubona ukuthi kubhalweni encwadini Ungaba kanjani ingxenye yempilo emphakathini uma ngabe wonke umuntu ehamba wena bakushiye ngoba awukwazi ukujoyina kulokhu abakwenzayo?
Izingane ezikhubazekile zinelungelo lokunakekelwa ngokuyisipesheli. Lokhu kusho ukuthi ohulumeni kufanele banikeze nanoma yiluphi usizo enganeni ekhubazekile. Ukuthi kunikezwa usizo olungakanani kuncike ekutheni ingane idinga usizo olungakanani kanye nabazali noma nanoma ngubani obheke ingane.
Ngamanye amazwi izingane ezingakwazi ukuhamba zingadinga usizo ngesihlalo sokuhamba noma olunye uhlobo losizo. Izingane ezingakwazi ukubona kungenzeka zidinge izincwadi zeBraille eziyisipesheli nokunye. Isibonelo, le ncwadi sizoyiprinta ngeBraille ukuze izingane ezingaboni zizokwazi ukuyifunda nayo.
Noma nini lapho kwenzeka, lolu sizo kufanele lunikezwe mahhala, kuya ngokuthi abantu abanakekela ingane, yini abakwazi ukuyikhokhela.
Uhulumeni kufanele azame ukuqinisekisa ukuthi izingane ezikhubazekile zithola ukufunda, ukuqeqeshwa, ukunakekelwa kwezempilo, ukubuyiselwa esimeni (ukwakha amandla azo nokuthi zisinde kangangoba kungenzeka), amalungiselelo omsebenzi kanye namathuba okudlala. Izingane ezikhubazekile kufanele zinikwe wonke amathuba okukhula njengabantu ngabodwana nanjengamalungu omphakathi.
Mhlawumbe uyingane ekhubazekile. Mhlawumbe wazi ingane ekhubazekile. Noma mhlawumbe akunjalo. Noma ngabe ungubani, zama ukucabanga futhi ukhulume ngalezi zinto.
Ukukhubazeka akusiyo inkinga nje abantu okufanele babhekane nayo. Inselele okufanele sihlangabezane nayo sonke. Sonke singamalungu omndeni wabantu.
Kanti-ke unolwazi oluningi kabi emhlabeni jikelele. Amazwe kudingeka abelane ngalolu lwazi. Ngale ndlela singafunda ukunakekelana futhi sakhe umhlaba ongcono womndeni womuntu.
Izingane zinelungelo lempilo enhle kakhulu enokutholakala.
Zinelungelo futhi lokuphathwa kahle futhi ziphiliswe lapho zigula.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi akukho ngane encishwa ilungelo layo lokuthola impilo enhle. Kufanele basebenzele ekuphokopheleni ukuthi zonke izingane zibe nalo leli lungelo.
Ohulumeni kufanele baqede ukushona kwabantwana abancane nokwezingane.
Ohulumeni kufanele bagcine izingane ziphilile futhi zikahle ngokuhlinzeka ngokunakekela impilo, ukulwa nesifo kanye nesifo sendlala (ukungadli kahle) nangokuhlinzeka ngokudla ounempilo kanye namanzi ahlanzekile okuphuza.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi omama bayanakekelwa uma bekhululwe nangemuva kokuba bethole abantwana babo. Lokhu kusiza ukugcina abantwana babo bephilile.
Ohulumeni kufanele bafundise wonke umuntu ngempilo yengane nangokudla okunempilo, ukuhlanzeka, ezempilo nokuvimbela izingozi. Kubalulekile ukuthi abazali nezingane zazi ngalezi zinto.
Ohulumeni kufanele bafundise abantu ngokuthi kufanele bakumise kanjani ukugula futhi bakhombise abantu ukuthi bayeke kanjani ukuba nezingane eziningi kunalezo abangakwazi ukuzinakekela.
Ohulumeni futhi kufanele baqede izindlela zendabuko ezilimaza impilo yezingane.
Ohulumeni kufanele basebenze nabanye ohulumeni emhlabeni ukuthi balethe la malungelo abalulekile. Kufanele kunakekelwe ngendlela ekhethekile izidingo zamazwe athuthukayo.
Ungacabanga ngezindlela iNingizimu Afrika ezama ngayo ukwenza lezi zinto?
Ohulumeni kufanele bahlole isimo sezingane ezingaphansi kwekhaya efunelwe lona noma okunye ukunakekelwa ngazo zonke izikhathi.
Izingane zinelungelo lokuthola izinzuzo zosizo lwezimali zezenhlalakahle. Ohulumeni kufanele benze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bathola lezi zinzuzo ngokushesha okukhulu.
Okufanele babe ngabokuqala ukuthola lezi zinzuzo kufanele kube izingane ezeswele kanye nalabo abazinakekelayo.
Izingane zinelungelo lokuphila okusezingeni okwenza ukuthi zikwazi ukukhula ngokwemiqondo nemizimba yazo.
Abantu ababaluleke kakhulu ekuhlinzekeni lokhu kuphila okusezingeni abazali kanye nalabo abanakekela izingane.
Ukuthi umsebenzi abazowenza muhle kangakanani kuncike ekutheni banamalini nokuthi bakwazi kangakanani ukunakekela izingane.
Ohulumeni kufanele basize abazali kanye nabanye abanakekeli bezingane kangangoba bengakwazi ukuhlinzeka ngentuthuko yengane. Lapho kudingeka khona, ohulumeni kumele banikeze abazali usizo nokubeseka, ikakhulukazi lapho okudingeka khona ukudla, izimpahla zokugqoka kanye nezindlu.
Ngokucacile, abanye abazali banemali eningi kunabanye. Kodwa izingane akufanele zihlupheke ngenxa yalokhu. Izingane aziceli ukuzalwa emindenini ehluphekile. Zinelungelo lokuthola ithuba elifanayo njengawo wonke umuntu.
Yingakho nje Isivumelwano sithi ohulumeni kufanele basize imindeni, ikakhulukazi imindeni ehlupheke kakhulu ukuthi ithenge ukudla, izimpahla kanye namakhaya ezingane zabo.
Ohulumeni kufanele benze yonke into ukuqinisekisa ukuthi abazali okufanele bakhokhe imali yesondlo sezingane bayakwenza lokho. Lapho umzali ongakhokhi ngengane ehlala kwelinye izwe, ohulumeni kufanele bavumelane ukuze imali izocelwa egameni lengane.
Kuyadumaza kabi ukuthi abanye abazali abafuni ukukhokha imali yokondla abantwana babo. Lokhu kushiya umzali oyedwa nomthwalo wokunakekela umntwana futhi esebenza ukuze azonakekela umntwana futhi. Ohulumeni kufanele baqiniseke ukuthi bobabili abazali babhekene nomsebenzi wezingane zabo. Lokhu into izingane okufanele zicabange futhi zikhulume ngakho. Ngelinye ilanga nizoba ngabantu abadala futhi nizikhethele ngezimpilo zenu. Uma unquma ukuba nomntwana, lowo mntwana uyoba ngumsebenzi wakho iminyaka eyi-18. Kungenzeka kube ukhetho olubaluleke kabi oke walwenza.
Yonke ingane inelungelo lemfundo. Ohulumeni kufanele basebenzele ekutheni baqinisekise ukuthi zonke izingane zinalo leli lungelo.
Ohulumeni kufanele baqinisekise ukuthi imfundo yamabanga aphansi imahhala nokuthi zonke izingane ziyaya esikoleni.
Ohulumeni kufanele banikeze izingane ukhetho nokuthola izinhlobo ezahlukene zemfundo yamabanga aphezulu futhi bayenze ibe mahhala noma banikezele ngosizo lwezimali (imali).
Ohulumeni kufanele benze lokho abangakwenza ukuthi benze ukuthi imfundo ephezulu (inyuvesi noma ithekhinikhoni) itholakale.
Ohulumeni kufanele banikeze zonke izingane ulwazi futhi baziqondise (iseluleko) ngemfundo nemisebenzi.
Ohulumeni kufanele bakhuthaze izingane ukuthi ziye esikoleni njalo futhi bazincenge ukuthi zingasheshe ziphume esikoleni.
Ohulumeni kufanele benze yonke into ukuqinisekisa ukuthi izingane azijeziswa ngendlela elimaza isithunzi sazo sobuntu (okubenza bazenyeze ngobubona).
Umthetho Wezikole WaseNingizimu Afrika umthetho oshoyo ukuthi kufanele kwenzekeni ezikoleni zethu. Lo mthetho awukuvumeli ukuthi izingane zishaywe ezikoleni. Lokhu kungenxa yokuthi kubonakala njengesijeziso esinonya nesingenabuntu esilimaza isithunzi sobuntu ezinganeni. Uyavumelana nalokhu Ucabanga ukuthi kufanele zijeziswe kanjani izingane uma ziziphatha kabi?
Ohulumeni kufanele bakhuthaze ukuhlanganyela kwamazwe omhlaba emfundweni. Kubaluleke kakhulu ukuthi umhlaba usebenze ndawonye ukusiza wonke umuntu ukuthi afunde futhi afunde ngezinto ezibalulekile njengesayensi nobuchwepheshe kanye nezindlela zesimanje zokufundisa.
Ohulumeni bayavuma ukuthi ingane kumele ifunde ngalezi zinto ezilandelayo.
Imfundo kufanele yenze okuhle kakhulu ngobuntu bezingane, amathalente kanye namandla omqondo nomzimba.
Lokhu kusho ukuthi ngemfundo elungile ungakwazi ukuzenza umuntu ongcono kakhulu futhi usebenzise onke amathalente akho namandla akho ngokuphelele. Njengedayimane elimbiwe enhlabathini, ungapholishwa bese uyacwebezela ube itshe eliyigugu. Cabanga ngokuthi ungubani nokuthi yini okwazi ukuyenza kahle nokuthi imfundo ingakusiza kanjani ukuthi usebenzise la mathalente ngokugcwele.
Imfundo kufanele ithuthukise inhlonipho yezingane yamalungelo omuntu kanye nenkululeko nalokho inhlangano yezizwe ekukholwayo.
Imfundo ikusiza ukuthi ufunde ukuhlonipha umndeni wabantu sonke esingena ngaphansi kwawo. Imithetho yalowo mndeni ukuthi onke amazwe nabantu kufanele bahlale ngobungane, uxolo kanye nokuqonda.
Imfundo kufanele ithuthukise inhlonipho yezingane kubazali bazo, ukwazi amasiko, ulimi namagugu, amagugu esizwe ezwe lapho ingane ihlala khona kanye nezwe evela kulo. Kufanele ithuthukise nenhlonipho yengane yabantu abahlukile nabavela emasikweni nasezizweni ezahlukile.
Nakuba imfundo ikusiza ukuthi uhloniphe umndeni wakho, isiko kanye nezwe, iyakusiza futhi ukuthi uhloniphe amanye amasiko kanye nezizwe. Lokhu kubaluleke kakhulu uma kufanele sibe ngamalungu omndeni wabantu.
Imfundo kufanele izingane izilungiselele ukuphila ngendlela efanele emphakathini okhululekile. Lokhu kusho ukuthi kufanele sizwisise, kufanele sibe nokuthula futhi kufanele sibekezele. Lokhu kusho ukuthi kufanele sisebenzele ukuthi kube nokulingana phakathi kwamadoda nomama kanye nabafana namantombazane. Lokhu futhi kusho ukuthi kufanele sisebenzele ubungane phakathi kwabo bonke abantu.
Imfundo kufanele ithuthukise inhlonipho yezingane yezwe eziphila kulo - yendawo yemvelo.
Njengoba ubona nje imfundo iyinto enkulu kunokuhlala nje ekilasini noma ukwenza umsebenzi wesikole owenziwa ekhaya noma ukubhala ukuhlolwa. Kusho ukuzilungiselela impilo. Imfundo isho ukuba ngumuntu ophelele. Xoxa ngalokhu ekilasini noma nabangane bakho.
Emazweni amaningi, kunamaqembu abantu abangakhulumi ulimi olufanayo noma abangaveli eqenjini lohlanga olufanayo noma abangakhulumi ulimi olulodwa kube iqembu elikhulu.
Izingane ezivela kula maqembu amancane (angemaningi) kufanele zivunyelwe ukuthi zithokozele isiko, ukwenza inkolo yazo nokukhuluma ulimi lwazo.
Izingane zinelungelo lokuphumula nelokukhululeka futhi zidlale ngezindlela ezifanele iminyaka yazo. Izingane futhi zinelungelo lokubamba iqhaza ngokukhululeka empilweni yamasiko nasebucikweni.
Ohulumeni kufanele bahloniphe futhi bakhuthaze ilungelo lengane lokubamba iqhaza empilweni yesiko neyobuciko futhi kufanele baqiniseke ukuthi kunamathuba afanele nalinganayo esiko, obuciko, okudlala nawokuphumula.
Yimaphi amathuba okudlala nokuphumula akhona endaweni yakini noma emphakathini noma esikoleni?
Yini ongathanda ukuyenza ongeke ukwazi ukuyenza okwamanje Ezemidlalo Ubuciko Idrama Izinkondlo Umculo Mhlawumbe abanye kubazali noma kothisha esikoleni sakho bangakusiza ukuthi kube khona okuqalayo okusha?
Sebenzisa amandla emiqondo yakho!
Izingane zinelungelo lokuvikelwa ekuphoqelweni ukuthi zisebenzele abanye abantu ukuze zithole imali. Izingane zinelungelo lokuvikelwa ekwenzeni umsebenzi oyingozi noma ozozenza ukuthi zingayi esikoleni noma okuzolimaza izimpilo zazo noma ukukhula.
Ohulumeni kufanele benze konke abangakwenza ukuqinisekisa ukuthi leli lungelo livikelwe. Lokhu kusho ukuthi kufanele babeke iminyaka ingane engaphansi kwayo okungavunyelwe ukuthi isebenze. Kufanele babeke imithetho yokuthi ingane kufanele isebenze amahora amangaki nokuthi kufanele isebenze ngaphansi kwaziphi izimo. Kufanele babajezise labo abephula le mithetho.
Kuyinto embi kabi ukuthi izingane ezincane emhlabeni wonke jikelele ziyaphoqeka ukuthi zisebenze ukuze ziphile. Ezinye izinkampani ezinkulu zenza imali enkulu ngokuthengisa imikhiqizo eyenziwa izingane. Abanye abazali bampofu kangangokuthi bacabanga ukuthi ayikho into abangayenza. Yini okufanele ohulumeni bayenze ukuzama ukuqeda lokhu?
Ohulumeni kufanele benze konke okusemandleni abo ukuthi bavikele izingane ekusebenziseni izidakamizwa eziyingozi. Kufanele bavimbele futhi nokuthi izingane zingasetshenziswa ekukhiqizeni nasekuthwaleni lezi zidakamizwa.
Sonke siyazi ukuthi izidakamizwa ziyingozi. Kwezinye izingxenye zomhlaba izingane ziyasetshenziswa ngisho ukwenza noma ukushushumbisa izidakamizwa. Lokhu kubeka izingane engozini futhi kuzenze zibe izigebengu zisencane. Ucabanga ukuthi izidakamizwa ziyinkinga ezweni lethu?
Ohulumeni kufanele bavikele izingane kuzo zonke izinhlobo zokuxhashazwa ngokocansi kanye nasekuhlukunyezweni ngokocansi. Kubaluleke kakhulu ukuthi ohulumeni basebenze ndawonye ukuqeda ukukhokhelwa kwezingane noma ekuphoqweni ukuthi zibambe iqhaza ezenzweni zocansi olungekho emthethweni noma ekuxhashazweni njengabathengisi bemizimba noma ezinye izenzo zocansi ezingekho emthethweni, noma ukwenza amafilimi ezithombe zocansi kanye nezinye izenzo.
Ukuhlukunyezwa ngokocansi into embi kakhulu. Into yokuqala izingane okufanele ziyazi ngokuhlukunyezwa ngokocansi ukuthi akusilo iphutha lazo uma kwenzeka.
Nakhu okungenzeka. Umuntu angakuthinta endaweni ongafuni ukuthintwa kuyo. Omunye umuntu angakucela ukuthi umthinte. Omunye umuntu angakukhombisa izithombe zabantu abathintana ngale ndlela.
Umuntu owenza lokhu kungaba umuntu omazi kahle kakhulu. Kungaba umama wakho, ubaba wakho, umalume wakho noma umakhelwane wakho. Kungenzeka abe mdala kunawe futhi abe nomusa kuwe.
Noma ngabe ngubani, lokho abakwenzayo akulungile. Ngoba akulungile, bazokucela ukuthi ukugcine kuyimfihlo. Bayozama ukukwethusa noma bakwesabise. Thola umuntu ozomtshela. Ungayigcini imfihlo. Uma wenza njalo, angeke bayeke.
Njalo khumbula! Akusilo iphutha lakho.
Kwesinye isikhathi izingane ziba mpofu kakhulu futhi zilambe futhi zingancengwa ukuthi zenze izinto ezingaziqondi ukuze zizothola ukudla noma imali. Kwesinye isikhathi ziyavalelwa noma zishaywe futhi ziphoqwe ukuthi zenze into ezingathandi ukuyenza.
Ezinye zalezi zinto zibandakanya ukuya ocansini nabantu abadala noma ukwenza amafilimu noma imidlalo noma ukuthatha izithombe ezikhombisa izinto ezinjalo.
Zonke lezi zingane zilinyaziwe futhi ziyesaba zidinga usizo.
Zonke izingane kudingeka zazi ngalezi zinto ukuze zizoqaphela ukuthi zingakhulumi nabantu ezingabazi futhi zazi ukuthi KULUNGILE ukuthi HHAYI uma umuntu efuna ukuzithinta.
Ohulumeni kufanele basebenzisane ngayo yonke indlela ukuthi bavimbele ukuthi izingane zingantshontshwa, zingathengwa futhi zingathengiswa nganoma ngasiphi isizathu noma ngananoma iyiphi indlela.
Sibonile ukuthi kwesinye isikhathi izingane zisetshenziswa abantu ababi kakhulu. Ngenxa yalokhu, kwesinye isikhathi izingane ziyantshontshwa noma zithengwe futhi zithengiswe njengezigqila. Ohulumeni kufanele basebenze ndawonye ukuqinisekisa ukuthi lokhu kuyaphela. Cabanga ngezindlela ezahlukene abantu abangathatha ngazo izingane ezweni nokuthi kungaqedwa kanjani lokhu. Lesi isihloko esimnandi somdlalo ekilasini. Cabanga sengathi uyisisebenzi sasemngceleni bese kuza iloli elikhulu. Uzwa ingane iyakhala ngaphakathi elolini...
Ohulumeni kufanele bavikele izingane kuzo zonke izinhlobo zokuxhashazwa okungazilimaza noma kuzimoshe.
Ukuxhaphaza kusho lapho abantu besebenzisela izingane izinzuzo zabo. Isibonelo, bayazisebenzisa bese bezinika imali encane. Cabanga ngezindlela ezahlukene abantu abaxhashazwa ngazo empilweni. Kwesinye isikhathi izingane zixhashazwa ngoba zincane kakhulu ukuthi zikwazi ukuzivikela zona ngokwazo.
Izingane ezinenkinga nomthetho zinelungelo lokuvikeleka okuyisipesheli.
Kunezizathu eziningi zokuthi kungani kwenziwa kanjalo. Izingane ezincane kakhulu kufanele ziphathwe ngendlela ehlukile ezinganeni ezindala futhi izingane ezephula umthetho okokuqala kufanele zinikwe ithuba lokubuyisela izimpilo zazo esimeni esilungile.
Kwesinye isikhathi izingane ezishiywe zodwa noma ezihlukunyeziwe zinezinkinga eziyisipesheli okufanele kubhekwane nazo.
Ijele akusiyo indawo elungile ezinganeni. Lizifundisa ukuba izigebengu nokujoyina imigulukudu.
Kunzima kakhulu futhi ukwehlukaniswa kwezingane nemindeni yazo.
Izingane ezinenkinga nomthetho zinamalungelo ayisipesheli.
Akukho ngane okufanele ihlushwe noma iphathwe noma ijeziswe ngendlela enonya, engenabuntu noma eyehlisa isithunzi.
Akukho muntu oneminyaka yobudala engaphansi kweyi-18 owenze ubugebengu okufanele agwetshwe ukufa noma ukudilikelwa yijele ngaphandle kokuthi mhlawumbe kunokwenzeka ukuthi akhululwe.
Isigwebo sokufa sisho ukuthi uyabulawa ngenxa yobugebengu obunamandla njengokubulala. Asisekho isigwebo sokufa eNingizimu Afrika.
Ayikho ingane okufanele iboshwe ingagwetshiwe noma ibekwe ejele ngokungemthetho noma ngaphandle kwesizathu.
Ingane kufanele iboshwe, ihlale ejele ngaphandle kwesigwebo noma ibekwe ejele uma kungekho okunye okungenziwa futhi kufanele ibekwe isikhathi esifushane esinokwenzeka. Nanoma iyiphi ingane ebekwe ejele kufanele iphathwe ngobuntu noma ngenhlonipho nesithunzi.
Ingane kufanele iphathwe ngendlela ecabangela izidingo zeminyaka yayo yobudala.
Kubaluleke kakhulu ukuthi ingane ihlukaniswe kubantu abadala (ngaphandle uma lokhu kungesilo usizo enganeni ngenxa yezizathu ezithile).
Ingane inelungelo lokuvakashelwa nokuthola izincwadi ezivela emndenini wayo, ngaphandle uma kunesizathu sokuthi kungani kungeke kube yinto enhle lokhu.
Yonke ingane eboshiwe noma ebekwe ejele kufanele inikezwe usizo lomthetho olusheshayo kanye nolunye usizo. Kufanele ibe nelungelo lokuya enkantolo ukuyobuza ukuthi ingabe ukuboshwa noma ukugwetshwa kuyiqiniso yini futhi inelungelo lokuthola impendulo esheshayo kulo mbuzo.
Ucabanga ukuthi yini engaholela ekutheni ingane yenze ubugebengu Uke wabenza ubugebengu Ucabanga ukuthi impilo yasejele ingamenzani umuntu osemncane. Yini engenziwa ukusiza abantu abancane ukuthi baphenduke ebugebengwini baphile impilo elungile?
Kunemithetho eminingi yamazwe omhlaba ephathelene nezingane eziphila ezindaweni lapho kunezimpi khona futhi kuliwa ngezikhali. Ohulumeni bayavuma ukuyihlonipha le mithetho kanye nokuzama ukuqiniseksia ukuthi nabanye bayayihlonipha.
Enye yezinto uhulumeni okufanele ayenze ukuqinisekisa ukuthi izingane ezineminyaka engaphansi kweyi-15 azizilwi izimpi. Lokhu kusho ukuthi akufanele ukuthi bavumele izingane ezingaphansi kweminyaka eyi-15 ukuthi zijoyine umbutho wabo wezempi.
Uma ubheka umabonakude uzobona amasotsha ayizingane kwezinye izingxenye zamazwe omhlaba. Lezi zingane sezilahlekelwe ubungane bazo. Azifundi. Azidlali. Zahlukaniswe nemindeni yazo. Imibutho yezempi ezifunile abasinakanga Isivumelwano kanye nemithetho yamazwe omhlaba.
Uma kufunwa izingane eziphakathi kweminyaka eyishumi nanhkanu kanye neyishumi nesishiyagalombili, ohulumeni kufanele bazame ukufuna izingane ezindadlana (lezo ezicishe zibe neminyaka eyi-18) ngaphambi kokuba bafune ezincane (lezo ezicishe zibe neminyaka eyi-15).
Ohulumeni kufanele benze konke abangakwenza ukuvikela nokunakekela izingane lapho okunezimpi khona nalapho kuliwa khona ngezikhali.
Ungakwazi ukucabanga uhlala endaweni okuliwa kuyo Kungenzeka ukuthi abanye babazali benu bake bahlala kulezo zindawo esikhathini esedlule. Abanye benu bangakhumbula ngesikhathi besebancane kakhulu. Ake ubone ukuthi ungamthola yini umuntu ongakhumbula lesi simo eNingizimu Afrika ngezikhathi zeminyaka yo-1980 noma ekuqaleni kweminyaka yo-1990 bese uyabacela ukuthi bakutshele ukuthi kwakunjani. Lezi zinhlobo zezimo ziyethusa kakhulu ezinganeni ngoba azazi ukuthi kwenzekani?
Ohulumeni kufanele benze konke okusemandleni ukusiza izingane ezihlushiwe ukuthi zilulame ekulinyazweni. Kwesinye isikhathi kuba imizimba yazo elinyaziwe kwesinye isikhathi kube imiqondo. Kufanele zisizwe futhi ukuthi zibuye zijoyine umphakathi.
Ziningi izindlela izingane ezilinyazwa ngazo. Kwesinye isikhathi azinakwa noma zixhashazwe noma zihlukunyezwe. Kwesinye isikhathi ziyahlushwa noma zijeziswe ngezindlela ezinonya noma ezingenabo ubuntu (njengezilwane). Kwesinye isikhathi zilinyazwa ezimpini noma lapho okuliwa khona ngezikhali.
Izingane kufanele zivunyelwe ukuthi zibe ngcon endaweni nangendlela ebuyisela impilo yazo esimeni, ukuzihlonipha kanye nesithunzi.
Ake ucabange nje okomzuzwana ukuthi uphatheka kanjani uma ulimele. Kwesinye isikhathi umzimba wakho uba buhlungu ngempela. Kwesinye isikhathi imizwa yakho ilimala kabi kakhulu. Kwesinye isikhathi usuke uphatheke kabi ngempela. Ezinye izingane ziphatheka kabi noma zibone izinto ezimbi kangangokuthi zingabe zisafuna ukukhuluma. Ezinye ziba namaphupho asabisayo. Ezinye ziyazilimaza zona qobo noma zilimaze ezinye. Lezi zingane zidinga usizo oluningi. Zidinga indawo ethule kanye nabantu abanomusa kanye nesikhathi esiningi sokuthi zibe ngcono.
Izingane ezibekwe amacala okwephula umthetho noma okwenza ubugebengu zinelungelo lokuphathwa ngendlela ezinikeza umuzwa wokuba nesithunzi nokubaluleka.
Indlela eziphathwa ngayo kufanele nazo izisize ukuthi zihloniphe amalungelo abantu kanye nenkululeko yabanye abantu.
Futhi zinelungelo lokuphathwa ngendlela efanelene neminyaka yazo futhi zisizakale ukucabanga ukuthi zizokwazi ukujoyina umphakathi futhi zibuye zibambe iqhaza emphakathini esikhathini esizayo.
Kubalulekile ukuthi sicabange ngalokhu. Zicabange ubekwe icala lokwephula umthetho. Ingabe kungcono kakhulu ukuthi uphathwe njengengane ekhohlakele kakhulu engeke ize ibe yinto yalutho Noma abantu kufanele bakukhombise ukuthi ungazilungisa kanjani izinto bese wenza kangcono esikhathini esizayo Uma izingane ziphathwa ngenhlonipho futhi zinikwe usizo, eziningi zazo ziyokwazi ukuthi zithole indlela yokubuyela emiphakathini. Ngaleyo ndlela singakha imiphakathi engcono nezingane ezijabulile. Ngesinye isihloko esimnandi lesi somdlalo wekilasi. Cabanga sengathi izingane ezimbili ekilasini lakho zephule umthetho. Enye iphethwe kahle, enye iphethwe kabi. Kwenzekani kuzo?
Zithathwe njengezingenacala kuze kufakaziswe ukuthi zinecala.
Zitshelwe ngokushesha ukuthi bekufanele zenzeni.
Icala lithethwe ngobuqotho enkantolo. Abazali noma ababheki abasemthethweni kufanele babekhona.
Zingaphoqwa ukuthi zikhulume noma zithi zinecala.
Zivunyelwe ukuthi zibuze abantu abanikeza ubufakazi ngazo imibuzo.
Zivunyelwe ukuthi zidlulise amacala nganoma yisiphi isinqumo senkantolo.
Zivunyelwe ukuthi lokho okuchazwa enkantolo kube ngolimi eziluzwayo.
Ingasese lazo lihlonishwe ngazo zonke izikhathi.
Uhulumeni kufanele abeke iminyaka emincane lapho ingane engeze yabekwa khona icala lobugebengu.
Ucabanga ukuthi kufanele kube yimiphi iminyaka yobudala leyo Ingabe ingane iyaqonda ukuthi yenze ubugebengu eminyakeni eyi-7, 10, noma 14 yobudala Ucabangani wena?
Uhulumeni kufanele abheke izindlela zokubhekana nezingane ngaphandle kwenkantolo.
Ungacabanga ngezindlela lapho izingane ezingalungisa khona izinto ngaphandle kokuthi ziye enkantolo noma ejele?
Ingabe lesi isiphetho noma isiqalo?
Umbuzo omuhle lowo.
Ngokucacile yonke incwadi inesiphetho.
Kodwa manje ngoba sewuyawazi amalungelo akho, sewungakulungela ukuthi uqale into entsha empilweni yakho.
Ngaphambi kokuba ufunde le ncwadi, bewazi yini ukuthi ungaphansi komndeni wabantu owelulekela emhlabeni wonke?
Ngaphambi kokuba ufunde le ncwadi, bewazi ukuthi amalungelo ezingane aya ngokuthi umndeni wabantu ubanakekela kahle kangakanani abafowabo nodadewabo, noma ngabe bangobani futhi noma ngabe bahlalaphi?
Okufanele ukuthi ukunqume manje ukuthi ingabe le ncwadi inesiphetho esibuhlungu yini noma esijabulisayo.
Uma omunye nomunye kithi ezama okuncane ngosuku ngalunye lwezimpilo zethu...
Kungenzeka kube nesiphetho esijabulisayo khona lapho.
Kodwa lena incwadi yakho...
Inhlangano Yezizwe United Nations UN yenziwa emva kweMpi Yesibili Yomhlaba. Ngomhla ka-24 Okthoba, amazwe angama-51 ahlangana ngomzamo wokwenza uxolo ngokuhlanganyela kwamazwe omhlaba kanye nokuvikeleka ngokuqoqana. Namhlanje, cishe isizwe ngasinye singaphansi kweNhlangano Yezizwe.
Lapho Amazwe eba amalungu eNhlangano Yezizwe, ayavuma ukwamukela izibophezelo zoMqulu we-UN, isivumelwano samazwe omhlaba esibeka imigomo eyisisekelo yobudlelwano bamazwe omhlaba. NgokoMqulu, i-UN inezinhloso ezine: ukugcina ukuthula nokuvikeleka kwamazwe omhlaba, ukwenza ubudlelwano obunobungane ezizweni, ukuhlanganyela ekwenzeni izinkinga zamazwe omhlaba nokukhuthaza inhlonipho yamalungelo abantu, nokuba umongo wokuxolelanisa izenza zezizwe.
Amalungu e-UN amazwe azibusayo. Inhlangano Yezizwe ayisiyena uhulumeni womhlaba, futhi ayishayi imithetho. Kodwa-ke iyasiza ngezindlela zokuxazulula izingxabano zamazwe omhlaba nokwenza izinqubomgomo ngezindaba ezisithinta sonke. Ku-UN, onke Amazwe AngamaLungu -amakhulu namancane, acebile nampofu, anemiqondo yezepolitiki eyahlukene kanye nezindlela zenhlalo yomphakathi - anezwi futhi ayavota kulolu hlelo.
Inhlangano Yezizwe inezingxenye ezibalulekile eziyisithupha. Ezinhlanu zazo - Umbuthano Ojwayelekile, Umkhandlu Wezokuvikeleka, Umkhandlu Wezomnotho Nenhlalakahle Yomphakathi, Umkhandlu Wokubhekela kanye noMnyango Wobubhalane - baseHhovisi Elikhulu le-UN eNew York. Eyesithupha, Inkantolo Yamazwe Omhlaba Yezobulungiswa, ise-The Hague, eNetherlands.
Isivumelwano sisho isivumelwano phakathi kohulumeni esivunywe Umbuthano Jikelele weNhlangano Yezizwe.
Ngonyaka ka-1948, Inhlangano Yezizwe yamemezela Isimemezelo Somhlaba Samalungelo Abantu (Universal Declaration of Human Rights). Isimemezelo Somhlaba sisho amalungelo ayisisekelo kanye nenkululeko abesifazane namadoda kanye nezingane okufanele bawathole - phakathi kwawo ilungelo lempilo, inkululeko nobuzwe, inkululeko yokucabanga, umuzwangedwa nenkolo, ukusebenza, ukufundiswa, ukubamba iqhaza kuhulumeni.
La malungelo ayabophana ngokomthetho ngokweZivumelwano Zamazwe Omhlaba ezimbili, Amazwe amaningi ayingxenye yazo. Isivumelwano esisodwa sibhekene nezomnotho, ezenhlalo yomphakathi kanye namalungelo amasiko kanye namanye amalungelo abantu nawezepolitiki. Sekuhlangene kokubili neSimemezelo, kwenza Umthetho Wamalungelo Abantu Wamazwe Omhlaba (International Bill of Human Rights).
Isimemezelo senza isendlalelo sezivumelwano ezingaphezu kwezingama-80 kanye nezimemezelo ngamalungelo abantu, kubandakanya nezivumelwano zokuqeda ukubandlulula ngokobuhlanga nokubandlulula abantu besifazane; izivumelwano ngamalungelo engane, isimo sabantu abacashele izimpi abavela kwamanye amazwe kanye nokuvimbela ukubulala kokucekela phansi imiphakathi; isimemezelo sokuzimisela, ukunyamalala okuqinisiwe kanye nelungelo lokuthuthuka.
Isivumelwano okuvunyelwene ngaso eNhlanganweni Yezizwe kufanele sivunywe yiPhalamende/uHulumeni weLungu leNhlangano Yezizwe ngalinye. Uma lokhu sekwenziwe, lowo Hulumeni kufanele ahloniphe imithetho yeSivumelwano.
KuSivumelwano qobo lwaso, igama elisetshenziselwa uhulumeni owenza imisebenzi abhekene nayo 'Ingxenye Kahulumeni'. Lokhu kusho ukuthi izwe eliyingxenye yesivumelwano. Ukwenza lokhu kube lula ezinganeni, sisebenzise igama elithi 'uhulumeni'.
Ngokusebenzisa leli gama, sifuna kucace kodwa ukuthi uhulumeni ubandakanya yonke ingxenye kahulumeni. Ngamanye amazwi, uhulumeni usho wonke umuntu obhekene nokuphathwa kwezwe: othisha bethu, abahlengikazi bethu, abaphathi basemahhovisi bethu, osonhlalakahle bethu kanye nawo wonke umuntu obambe iqhaza ekuqinisekeni ukuthi izinto ziyasebenza. Ngokucacile, abaholi kufanele bavele phezulu. Izinsizasidingo kufanele zibe khona futhi kwenziwe nesibonelo esihle. Kodwa thina njengesizwe sizibophezele ekubekeni izingane zethu phambili. Futhi yikho lokhu okufanele sikwenze.
Nganoma ngayiphi indlela encane esingenza ngayo.
Ukuze uthole olunye ulwazi, sicela ubheke kuwebhusayithi noma umtapo wezincwadi wasekhaya.
